**SayPro Yiba nami – SayPro Izihlabelelo Zase Zion

1. Jesu, ulithemba lami,
Nentokozo nokuthula;
Nguw’ ongukulunga kwami
Okuvez’ ukujabula.

Yiba name, ngibe nawe.
Ngiyazigabisa ngawe.

2. Im’cabango yonke yami
Mawuyiqondise njalo;
Gcina nant’ ulimi lwami,
Ngikhulum’ okuhle ngalo.

3. Nezinyawo mazihambe
Njalo endleleni yakho.
Naz’ izandla mazibambe,
Zenze umsebenzi wakho.

4. Ngoba angisiy’ owami,
Ngithengiw’ inteng’ enkulu;
Ngakho inhliziyo yami
Mayibusw’ nguNkulunkulu.